6. Bheka, nezikhwebu eziyisikhombisa ezincane, ezihamukile ngumoya wasempumalanga, zahluma emva kwazo.
7. Izikhwebu ezincane zagwinya izikhwebu ezibhoxileyo ezipheleleyo. Wayesephaphama uFaro; bheka, kwakuyiphupho.
8. Kwathi ekuseni umoya wakhe wakhathazeka; wathuma wabiza izanusi zonke zaseGibithe nezihlakaniphi zonke zalo; uFaro wazilandisa iphupho lakhe; kepha akubangakho ongachazela wona uFaro.
9. Yayisikhuluma induna yabaphathizitsha kuFaro, ithi: “Ngiyakhumbula namuhla amacala ami.
10. UFaro wathukuthelela izinceku zakhe, wangifaka ukuba ngilindwe endlini yenduna yemilindankosi, mina kanye nenduna yabaphekizinkwa.
11. Saphupha iphupho ngabona lobo busuku mina naye. Saphupha, kwaba yilowo nalowo ngokokuchazwa kwephupho lakhe.
12. Kwakukhona nathi lapho insizwa, umHeberu, inceku yenduna yemilindankosi; sayilandisa yona, yasichazela amaphupho ethu, yachazela, kwaba yilowo nalowo ngokwephupho lakhe.
13. Kwathi njengalokho yasichazela, kwaba njalo; mina inkosi yangibuyisela esikhundleni sami, yena yamphanyeka.”
14. UFaro wayesethuma wambiza uJosefa; bashesha bamkhipha emgodini; waphucula, waphendulela ezinye izingubo, wangena kuFaro.
15. Wayesethi uFaro kuJosefa: “Ngiphuphe iphupho, kakho ongalichaza; sengizwe kuthiwa ngawe, lapho ulizwa iphupho, ungalichaza.”
16. UJosefa wamphendula uFaro, wathi: “Akukimi lokho; uNkulunkulu uzakumphendula kahle uFaro.”
17. UFaro wakhuluma kuJosefa, wathi: “Ephusheni lami, bheka, ngangimi ogwini lomfula;
18. bheka, kwase kukhuphuka emfuleni izithole eziyisikhombisa ezikhulupheleyo ezibukeka kahle; zadla emhlangeni.
19. Nazo ezinye izithole eziyisikhombisa zenyuka emva kwazo, zizacile, zibukeka kabi kakhulu, zondile, engingazange ngibone ezimbi njengalezo ezweni lonke laseGibithe.
20. Izithole ezondileyo ezimbi zadla eziyisikhombisa zokuqala ezikhulupheleyo.
21. Lapho sezingene eziswini zazo, akwabonakala ukuthi zingene eziswini zazo; zazisabukeka zizimbi njengakuqala. Ngase ngiphaphama.
22. “Futhi ngabona ephusheni lami, bheka, kwahluma izikhwebu eziyisikhombisa ezeleni linye, ziphelele, zizinhle.
23. Bheka, nezikhwebu eziyizintshwamu ezincane, ezihamukile ngumoya wasempumalanga, zahluma emva kwazo.
24. Izikhwebu ezincane zagwinya izikhwebu eziyisikhombisa ezinhle; ngakulandisa izanusi, kepha sasingekho esingangazisa khona.”
25. UJosefa wayesethi kuFaro: “Iphupho likaFaro linye; lokho uNkulunkulu azakukwenza umazise uFaro khona.