50. UJosefa wazalelwa amadodana amabili, kungakafiki mnyaka wendlala, amzalela wona u-Asenati indodakazi kaPotifera umpristi wase-Oni.
51. UJosefa waqamba igama lezibulo ngokuthi uManase,* wathi: “Ngokuba uNkulunkulu ungenze ngikhohlwe konke ukuhlupheka kwami nendlu yonke kababa.”
52. Igama lowesibili waliqamba ngokuthi u-Efrayimi,* wathi: “Ngokuba uNkulunkulu ungenze ngizale ezweni lokuhlupheka kwami.”
53. Iminyaka eyisikhombisa yenala eyayisezweni laseGibithe yaphela.
54. Iminyaka eyisikhombisa yendlala yayisiqala ukufika, njengalokho eshilo uJosefa; kwakuyindlala emazweni onke; kepha ezweni lonke laseGibithe ukudla kwakukhona.
55. Kwathi selilambile izwe lonke laseGibithe, abantu bakhala kuFaro ngokudla; uFaro wathi kubo bonke abaseGibithe: “Yanini kuJosefa; lokho anitshela khona, nikwenze.”
56. Indlala yayisebusweni bezwe lonke; uJosefa wavula zonke izinqolobane, wathengisela abaseGibithe; indlala yayinzima ezweni laseGibithe.
57. Amazwe onke afika kuJosefa eGibithe ukuyothenga amabele, ngokuba indlala yayinzima emhlabeni wonke.