Ugenesise 41:47-57 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

47. Ngeminyaka eyisikhombisa yenala umhlaba wathela kakhulu.

48. Waqoqa konke ukudla kwale minyaka eyisikhombisa eyayisezweni laseGibithe, wabekelela ukudla emizini; ukudla kwamasimu azungeza yilowo nalowo muzi wakubekelela kuwo.

49. UJosefa waqongelela amabele angangesihlabathi solwandle, okuningi kakhulu, waze wayeka ukubala, ngokuba kwakungenakubalwa.

50. UJosefa wazalelwa amadodana amabili, kungakafiki mnyaka wendlala, amzalela wona u-Asenati indodakazi kaPotifera umpristi wase-Oni.

51. UJosefa waqamba igama lezibulo ngokuthi uManase,* wathi: “Ngokuba uNkulunkulu ungenze ngikhohlwe konke ukuhlupheka kwami nendlu yonke kababa.”

52. Igama lowesibili waliqamba ngokuthi u-Efrayimi,* wathi: “Ngokuba uNkulunkulu ungenze ngizale ezweni lokuhlupheka kwami.”

53. Iminyaka eyisikhombisa yenala eyayisezweni laseGibithe yaphela.

54. Iminyaka eyisikhombisa yendlala yayisiqala ukufika, njengalokho eshilo uJosefa; kwakuyindlala emazweni onke; kepha ezweni lonke laseGibithe ukudla kwakukhona.

55. Kwathi selilambile izwe lonke laseGibithe, abantu bakhala kuFaro ngokudla; uFaro wathi kubo bonke abaseGibithe: “Yanini kuJosefa; lokho anitshela khona, nikwenze.”

56. Indlala yayisebusweni bezwe lonke; uJosefa wavula zonke izinqolobane, wathengisela abaseGibithe; indlala yayinzima ezweni laseGibithe.

57. Amazwe onke afika kuJosefa eGibithe ukuyothenga amabele, ngokuba indlala yayinzima emhlabeni wonke.

Ugenesise 41