24. Izikhwebu ezincane zagwinya izikhwebu eziyisikhombisa ezinhle; ngakulandisa izanusi, kepha sasingekho esingangazisa khona.”
25. UJosefa wayesethi kuFaro: “Iphupho likaFaro linye; lokho uNkulunkulu azakukwenza umazise uFaro khona.
26. Izithole eziyisikhombisa ezinhle ziyiminyaka eyisikhombisa; izikhwebu eziyisikhombisa ezinhle ziyiminyaka eyisikhombisa; iphupho linye.
27. Izithole ezondileyo ezimbi ezakhuphuka emva kwazo ziyiminyaka eyisikhombisa kanye nezikhwebu ezincane, ezihamukile ngumoya wasempumalanga; ziyiminyaka eyisikhombisa yendlala.
28. “Yikho lokhu engikushilo kuFaro: lokho uNkulunkulu asezakukwenza ukubonakalisile kuFaro.
29. Bheka, kuyeza iminyaka eyisikhombisa yenala enkulu ezweni lonke laseGibithe.
30. Emva kwayo iyakuvela iminyaka eyisikhombisa yendlala; iyakukhohlakala inala yonke ezweni laseGibithe; indlala iyakuliqeda izwe.
31. Inala ayiyukwaziwa ezweni ngenxa yendlala elandelayo, ngokuba iyakuba nzima kakhulu.
32. Lokhu ukuthi iphupho liphindwe kabili kuFaro, kungokuba le nto inqunywe nguNkulunkulu, futhi uNkulunkulu uyakushesha ayenze.
33. “Manje uFaro makakhethe umuntu oqaphelayo ohlakaniphileyo, ambeke phezu kwezwe laseGibithe.
34. Makenze njalo uFaro, abeke ababonisi phezu kwezwe, bahlukanise okwesihlanu kwezwe laseGibithe ngeminyaka eyisikhombisa yenala.
35. Mababuthe konke ukudla kwale minyaka emihle ezayo, banqwabele phansi kwesandla sikaFaro amabele emizini, abe ngukudla, bawalonde.
36. Lokhu kudla kuyakubekelelwa izwe ngenxa yeminyaka eyisikhombisa yendlala eyakuba khona ezweni laseGibithe ukuba izwe lingabhubhi ngendlala.”
37. Leli zwi laba lihle emehlweni kaFaro nasemehlweni ezinceku zakhe zonke.
38. Wayesethi uFaro ezincekwini zakhe: “Singamthola yini umuntu onjalo, onoMoya kaNkulunkulu, na?”
39. Wathi uFaro kuJosefa: “Njengokuba uNkulunkulu ekwazise wena konke lokhu, akakho oqaphelayo ohlakaniphileyo njengawe.
40. Wena uzakuba phezu kwendlu yami; ngezwi lakho bayakuhlelwa bonke abantu bami; esihlalweni sobukhosi kuphela ngiyakuba mkhulu kunawe.”