19. Nazo ezinye izithole eziyisikhombisa zenyuka emva kwazo, zizacile, zibukeka kabi kakhulu, zondile, engingazange ngibone ezimbi njengalezo ezweni lonke laseGibithe.
20. Izithole ezondileyo ezimbi zadla eziyisikhombisa zokuqala ezikhulupheleyo.
21. Lapho sezingene eziswini zazo, akwabonakala ukuthi zingene eziswini zazo; zazisabukeka zizimbi njengakuqala. Ngase ngiphaphama.
22. “Futhi ngabona ephusheni lami, bheka, kwahluma izikhwebu eziyisikhombisa ezeleni linye, ziphelele, zizinhle.
23. Bheka, nezikhwebu eziyizintshwamu ezincane, ezihamukile ngumoya wasempumalanga, zahluma emva kwazo.
24. Izikhwebu ezincane zagwinya izikhwebu eziyisikhombisa ezinhle; ngakulandisa izanusi, kepha sasingekho esingangazisa khona.”
25. UJosefa wayesethi kuFaro: “Iphupho likaFaro linye; lokho uNkulunkulu azakukwenza umazise uFaro khona.
26. Izithole eziyisikhombisa ezinhle ziyiminyaka eyisikhombisa; izikhwebu eziyisikhombisa ezinhle ziyiminyaka eyisikhombisa; iphupho linye.
27. Izithole ezondileyo ezimbi ezakhuphuka emva kwazo ziyiminyaka eyisikhombisa kanye nezikhwebu ezincane, ezihamukile ngumoya wasempumalanga; ziyiminyaka eyisikhombisa yendlala.
28. “Yikho lokhu engikushilo kuFaro: lokho uNkulunkulu asezakukwenza ukubonakalisile kuFaro.
29. Bheka, kuyeza iminyaka eyisikhombisa yenala enkulu ezweni lonke laseGibithe.
30. Emva kwayo iyakuvela iminyaka eyisikhombisa yendlala; iyakukhohlakala inala yonke ezweni laseGibithe; indlala iyakuliqeda izwe.