1. Kwathi ngasekupheleni kweminyaka emibili waphupha uFaro; bheka, wayemi ngasemfuleni.
2. Bheka, kwakhuphuka emfuleni izithole eziyisikhombisa ezibukeka kahle, zikhuluphele, zadla emhlangeni.
3. Nazo ezinye izithole eziyisikhombisa zenyuka emfuleni emva kwazo, zibukeka kabi, zondile; zema kwezinye izithole ogwini lomfula.
4. Izithole ezibukeka kabi ezondileyo zadla izithole ezibukeka kahle ezikhulupheleyo. Wayesephaphama uFaro.
5. Walala ubuthongo, waphupha ngokwesibili; bheka, kwahluma izikhwebu eziyisikhombisa ezeleni linye, zibhoxile, zizinhle.
6. Bheka, nezikhwebu eziyisikhombisa ezincane, ezihamukile ngumoya wasempumalanga, zahluma emva kwazo.
7. Izikhwebu ezincane zagwinya izikhwebu ezibhoxileyo ezipheleleyo. Wayesephaphama uFaro; bheka, kwakuyiphupho.
8. Kwathi ekuseni umoya wakhe wakhathazeka; wathuma wabiza izanusi zonke zaseGibithe nezihlakaniphi zonke zalo; uFaro wazilandisa iphupho lakhe; kepha akubangakho ongachazela wona uFaro.
9. Yayisikhuluma induna yabaphathizitsha kuFaro, ithi: âNgiyakhumbula namuhla amacala ami.
10. UFaro wathukuthelela izinceku zakhe, wangifaka ukuba ngilindwe endlini yenduna yemilindankosi, mina kanye nenduna yabaphekizinkwa.