Ugenesise 40:15-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. Ngokuba ngebiwa nokwebiwa ezweni lamaHeberu, nalapha futhi angenzanga lutho ukuba bangifake emgodini.”

16. Kwathi induna yabaphekizinkwa ibona ukuthi lokho kuchazwa kwakukuhle, yathi kuJosefa: “Nakimi ephusheni lami kwakungathi kukhona amaqoma amathathu esinkwa esimhlophe ekhanda lami.

17. Eqomeni elingaphezulu kwakukhona izinhlobo zonke zokudla kukaFaro; izinyoni zazikudla eqomeni eliphezu kwekhanda lami.”

18. UJosefa waphendula wathi: “Lokhu kungukuchazwa kwalo: lawo maqoma amathathu ayizinsuku ezintathu;

19. zingakadluli izinsuku ezintathu, uFaro uzakuphakamisa ikhanda lakho, alisuse kuwe, akuphanyeke emthini; izinyoni ziyakudla inyama yakho, ziyisuse kuwe.”

Ugenesise 40