1. Kwathi emva kwalezo zinto umphathizitsha wenkosi yaseGibithe nomphekizinkwa wayo bona enkosini yabo, inkosi yaseGibithe.
2. UFaro wazithukuthelela lezo zinceku zakhe zombili, induna yabaphathizitsha nenduna yabaphekizinkwa.
3. Wazibeka ukuba zilindwe endlini yenduna yemilindankosi etilongweni, indawo lapho wayeboshwe khona uJosefa.
4. Induna yemilindankosi yamyala ngazo uJosefa ukuba azibheke; wazikhonza; zazisekulindweni izinsukwana.
5. Baphupha iphupho bobabili, kwaba yilowo nalowo iphupho lakhe ngabusuku bunye, yilowo nalowo ngokokuchazwa kwephupho lakhe, umphathizitsha nomphekizinkwa wenkosi yaseGibithe, ababeboshwe etilongweni.
6. UJosefa wangena kubo ekuseni, wabona ukuthi badabukile.
7. Wayesebuza izinceku zikaFaro ezazinaye zilindwe endlini yenkosi yakhe, ethi: “Ubuso benu budabukeleni namuhla na?”
8. Bathi kuye: “Siphuphe iphupho, akakho ongalichaza.”UJosefa wathi kubo: “Ukuchaza akusikho okukaNkulunkulu na? Ake ningilandise lona.”