18. kwathi ukuba ngiphakamise izwi lami ngimemeza, yashiya ingubo yayo kimi, yabalekela phandle.”
19. Yathi inkosi yakhe isizwe amazwi omkayo ayewakhulume kuyo, ethi: “Yenze njalo kimi inceku yakho,” lwavutha ulaka lwayo.
20. Inkosi kaJosefa yamthatha, yamfaka etilongweni, indawo lapho iziboshwa zenkosi zaziboshwa khona; waba khona etilongweni.
21. Kepha uJehova wayenaye uJosefa, wamupha umusa, wamenzela ububele emehlweni omlindi wetilongo.
22. Umlindi wetilongo wanikela esandleni sikaJosefa zonke iziboshwa ezazisetilongweni; konke ezazikwenza khona nguyena owayekwenza.
23. Umlindi wetilongo akabanga esabheka lutho olusesandleni sakhe, ngokuba uJehova wayenaye, nalokho akwenzayo uJehova wakuphumelelisa.