17. Wakhuluma kuyo wona lawa mazwi, wathi: “Le nceku engumHeberu, osilethele yona, ize kimi ukuba idlale ngami;
18. kwathi ukuba ngiphakamise izwi lami ngimemeza, yashiya ingubo yayo kimi, yabalekela phandle.”
19. Yathi inkosi yakhe isizwe amazwi omkayo ayewakhulume kuyo, ethi: “Yenze njalo kimi inceku yakho,” lwavutha ulaka lwayo.
20. Inkosi kaJosefa yamthatha, yamfaka etilongweni, indawo lapho iziboshwa zenkosi zaziboshwa khona; waba khona etilongweni.