1. UJosefa wehliselwa eGibithe; uPotifari inceku kaFaro, induna yemilindankosi, owaseGibithe, wamthenga esandleni sabakwa-Ishmayeli ababemehlisele khona.
2. UJehova wayenaye uJosefa, waba ngumuntu onenhlanhla; wayesendlini yenkosi yakhe yaseGibithe.
3. Inkosi yakhe yabona ukuthi uJehova unaye nokuthi konke akwenzayo uJehova wakuphumelelisa esandleni sakhe.
4. UJosefa wafumana umusa emehlweni ayo, wayikhonza; yambeka abe yinduna phezu kwendlu yayo, nakho konke okwayo yakunikela esandleni sakhe.