2. UJuda wabona lapho indodakazi yomuntu waseKhanani ogama lakhe linguShuwa; wayithatha, wangena kuyo.
3. Yakhulelwa, yazala indodana, yaqamba igama layo ngokuthi u-Eri.
4. Yabuye yakhulelwa, yazala indodana, yaqamba igama layo ngokuthi u-Onani.
5. Yabuye yazala futhi indodana, yaqamba igama layo ngokuthi uShela; uJuda wayeseKesibi ekuyizaleni kwayo.