Emva kwezinsuku eziningi yafa indodakazi kaShuwa umkaJuda; eseduduzekile uJuda wakhuphuka, waya kubo abagundi bezimvu zakhe eThimna, yena kanye nomhlobo wakhe uHira wase-Adulamu.