Ugenesise 38:1-5 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwathi ngaleso sikhathi uJuda wasuka kubafowabo, wehla, waya kumuntu wase-Adulamu ogama lakhe linguHira.

2. UJuda wabona lapho indodakazi yomuntu waseKhanani ogama lakhe linguShuwa; wayithatha, wangena kuyo.

3. Yakhulelwa, yazala indodana, yaqamba igama layo ngokuthi u-Eri.

4. Yabuye yakhulelwa, yazala indodana, yaqamba igama layo ngokuthi u-Onani.

5. Yabuye yazala futhi indodana, yaqamba igama layo ngokuthi uShela; uJuda wayeseKesibi ekuyizaleni kwayo.

Ugenesise 38