Ugenesise 37:34-36 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

34. UJakobe wayeseklebhula izingubo zakhe, wafaka indwangu yamasaka okhalweni lwakhe, walilela indodana yakhe izinsuku eziningi.

35. Onke amadodana akhe nawo onke amadodakazi akhe asuka ukuyomduduza, kepha wala ukududuzwa, wathi: “Ngiyakwehla, ngiye endodaneni yami endaweni yabafileyo ngilila.” Uyise wamlilela-ke.

36. AbakwaMidiyani bathengisa ngaye eGibithe kuPotifari, inceku kaFaro, induna yabalindi bakhe.

Ugenesise 37