Ugenesise 37:3-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. Kepha u-Israyeli wathanda uJosefa kakhulu kunabantwana bakhe bonke, ngokuba wayeyindodana yobuxhegu bakhe; wamenzela ingubo enemikhono emide.

4. Abafowabo babona ukuthi uyise umthanda kunabafowabo bonke; khona bamzonda, bengenakukhuluma kuye ngokuthula.

5. UJosefa waphupha iphupho, wabalandisa lona abafowabo; babelokhu bemzonda kakhulu.

6. Wathi kubo: “Ake nizwe leli phupho engiliphuphileyo.

7. Bhekani, besibopha izithungu ensimini; naso-ke isithungu sami sivuka sima; nazo-ke izithungu zenu zisiphahla, zisikhothamela isithungu sami.”

8. Base bethi kuye abafowabo: “Impela uyakuba yinkosi yethu, usibuse na?” Bamzonda kakhulu kunakuqala ngenxa yamaphupho akhe namazwi akhe.

9. Waphupha nelinye iphupho, wabalandisa lona abafowabo, wathi: “Bhekani, ngiphuphe nelinye iphupho; bhekani-ke ilanga nenyanga nezinkanyezi eziyishumi nanye kwangikhothamela.”

10. Wabalandisa uyise nabafowabo; uyise wamsola, wathi kuye: “Yiphupho lini leli oliphuphileyo na? Impela mina nonyoko nabafowenu siyakuza, sikukhothamele emhlabathini na?”

11. Abafowabo baba nomhawu ngaye, kepha uyise wawalonda lawa mazwi.

12. Abafowabo baya ukwalusa umhlambi kayise eShekemi.

13. U-Israyeli wathi kuJosefa: “Abafowenu abawalusi umhlambi eShekemi na? Woza, ngiyakukuthuma kubo.”Wathi kuye: “Ngilapha.”

14. Wayesethi kuye: “Hamba-ke, ubone ukuthi basahlezi kahle yini abafowenu nomhlambi, uze ungibuyisele izwi.” Wamthuma esuka esigodini saseHebroni, waze wafika eShekemi.

15. Umuntu othile wamfumana ezulazula endle; lo muntu wambuza wathi: “Ufunani na?”

16. Wathi: “Ngifuna abafowethu; ake ungitshele ukuthi baluselaphi.”

17. Wathi lowo muntu: “Basukile lapha, ngokuba ngabezwa bethi: ‘Asiye eDotayini.’ ” UJosefa walandela abafowabo, wabafumana eDotayini.

Ugenesise 37