29. URubeni wabuyela emgodini; bheka, uJosefa wayengasekho emgodini; waklebhula izingubo zakhe.
30. Wayesebuyela kubafowabo, ethi: “Akasekho umntwana; mina-ke ngizakushonaphi na?”
31. Base bethatha ingubo kaJosefa, bahlaba impongo, bacwilisa ingubo egazini.
32. Bathumela leyo ngubo enemikhono emide, bayiyisa kuyise, bathi: “Siyitholile lena; ake ubone, uma le ngubo ingeyendodana yakho yini, noma akusiyo na?”
33. Wayibona, wathi: “Yiyo ingubo yendodana yami; isilwane esibi simdlile; yebo, uJosefa udatshuliwe nokudatshulwa.”
34. UJakobe wayeseklebhula izingubo zakhe, wafaka indwangu yamasaka okhalweni lwakhe, walilela indodana yakhe izinsuku eziningi.