Ugenesise 37:20-36 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

20. Ngalokho wozani, siyibulale, siyiphonse komunye wemigodi, bese sithi: ‘Isilwane esibi siyidlile,’ sibone ukuthi azakuba yini amaphupho ayo.”

21. URubeni wakuzwa, wamophula esandleni sabo ngokuthi: “Asingambulali.”

22. URubeni wathi kubo: “Ningachithi gazi; mphonseni kulo mgodi osehlane, ningabeki isandla kuye,” ukuba amophule esandleni sabo, ambuyisele kuyise.

23. Kwathi uJosefa esefike kubafowabo, bamkhumula ingubo yakhe, leyo ngubo enemikhono emide ayeyigqokile.

24. Bamthatha, bamphonsa emgodini; umgodi wawungenalutho, kungekho manzi kuwo.

25. Bahlala phansi ukuba badle isinkwa; baphakamisa amehlo abo, babona; bheka, kwafika ihele labakwa-Ishmayeli livela kwaGileyadi, linamakamela alo ethwele inhlaka nebhalisamu* nemure,* likwewusela eGibithe.

26. Wayesethi uJuda kubafowabo: “Kuyakusizani, uma simbulala umfowethu, sifihle igazi lakhe, na?

27. Wozani sithengise ngaye kwabakwa-Ishmayeli, isandla senu singabi phezu kwakhe, ngokuba ungumfowethu, uyinyama yethu.” Abafowabo bamlalela.

28. Kwase kudlula abathengi bakwaMidiyani; bamdonsa uJosefa, bamkhuphula emgodini, bathengisa ngoJosefa kwabakwa-Ishmayeli ngezinhlamvu ezingamashumi amabili zesiliva. Labo-ke bamusa uJosefa eGibithe.

29. URubeni wabuyela emgodini; bheka, uJosefa wayengasekho emgodini; waklebhula izingubo zakhe.

30. Wayesebuyela kubafowabo, ethi: “Akasekho umntwana; mina-ke ngizakushonaphi na?”

31. Base bethatha ingubo kaJosefa, bahlaba impongo, bacwilisa ingubo egazini.

32. Bathumela leyo ngubo enemikhono emide, bayiyisa kuyise, bathi: “Siyitholile lena; ake ubone, uma le ngubo ingeyendodana yakho yini, noma akusiyo na?”

33. Wayibona, wathi: “Yiyo ingubo yendodana yami; isilwane esibi simdlile; yebo, uJosefa udatshuliwe nokudatshulwa.”

34. UJakobe wayeseklebhula izingubo zakhe, wafaka indwangu yamasaka okhalweni lwakhe, walilela indodana yakhe izinsuku eziningi.

35. Onke amadodana akhe nawo onke amadodakazi akhe asuka ukuyomduduza, kepha wala ukududuzwa, wathi: “Ngiyakwehla, ngiye endodaneni yami endaweni yabafileyo ngilila.” Uyise wamlilela-ke.

36. AbakwaMidiyani bathengisa ngaye eGibithe kuPotifari, inceku kaFaro, induna yabalindi bakhe.

Ugenesise 37