1. UJakobe wakha ezweni lokugogobala kukayise, ezweni laseKhanani.
2. Lokhu kuyindaba kaJakobe. UJosefa eseneminyaka eyishumi nesikhombisa wawalusa umhlambi kayise enabafowabo; engumfana nje wayekuwo amadodana kaBiliha nakuwo amadodana kaZilipa omkayise; uJosefa waletha kuyise imibiko emibi ngabo.
3. Kepha u-Israyeli wathanda uJosefa kakhulu kunabantwana bakhe bonke, ngokuba wayeyindodana yobuxhegu bakhe; wamenzela ingubo enemikhono emide.
4. Abafowabo babona ukuthi uyise umthanda kunabafowabo bonke; khona bamzonda, bengenakukhuluma kuye ngokuthula.
5. UJosefa waphupha iphupho, wabalandisa lona abafowabo; babelokhu bemzonda kakhulu.
6. Wathi kubo: “Ake nizwe leli phupho engiliphuphileyo.
7. Bhekani, besibopha izithungu ensimini; naso-ke isithungu sami sivuka sima; nazo-ke izithungu zenu zisiphahla, zisikhothamela isithungu sami.”