Ugenesise 37:1-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UJakobe wakha ezweni lokugogobala kukayise, ezweni laseKhanani.

2. Lokhu kuyindaba kaJakobe. UJosefa eseneminyaka eyishumi nesikhombisa wawalusa umhlambi kayise enabafowabo; engumfana nje wayekuwo amadodana kaBiliha nakuwo amadodana kaZilipa omkayise; uJosefa waletha kuyise imibiko emibi ngabo.

3. Kepha u-Israyeli wathanda uJosefa kakhulu kunabantwana bakhe bonke, ngokuba wayeyindodana yobuxhegu bakhe; wamenzela ingubo enemikhono emide.

4. Abafowabo babona ukuthi uyise umthanda kunabafowabo bonke; khona bamzonda, bengenakukhuluma kuye ngokuthula.

5. UJosefa waphupha iphupho, wabalandisa lona abafowabo; babelokhu bemzonda kakhulu.

6. Wathi kubo: “Ake nizwe leli phupho engiliphuphileyo.

7. Bhekani, besibopha izithungu ensimini; naso-ke isithungu sami sivuka sima; nazo-ke izithungu zenu zisiphahla, zisikhothamela isithungu sami.”

8. Base bethi kuye abafowabo: “Impela uyakuba yinkosi yethu, usibuse na?” Bamzonda kakhulu kunakuqala ngenxa yamaphupho akhe namazwi akhe.

9. Waphupha nelinye iphupho, wabalandisa lona abafowabo, wathi: “Bhekani, ngiphuphe nelinye iphupho; bhekani-ke ilanga nenyanga nezinkanyezi eziyishumi nanye kwangikhothamela.”

10. Wabalandisa uyise nabafowabo; uyise wamsola, wathi kuye: “Yiphupho lini leli oliphuphileyo na? Impela mina nonyoko nabafowenu siyakuza, sikukhothamele emhlabathini na?”

11. Abafowabo baba nomhawu ngaye, kepha uyise wawalonda lawa mazwi.

Ugenesise 37