32. UBela indodana kaBeyori wabusa kwabakwa-Edomi; igama lomuzi wakhe laliyiDinihaba.
33. Wafa uBela; uJobabi indodana kaZera waseBosira waba yinkosi esikhundleni sakhe.
34. Wafa uJobabi; uHushamu wasezweni labakwaThemani waba yinkosi esikhundleni sakhe.
35. Wafa uHushamu; uHadadi indodana kaBedadi owanqoba abakwaMidiyani ethafeni lakwaMowabi waba yinkosi esikhundleni sakhe; igama lomuzi wakhe laliyi-Aviti.
36. Wafa uHadadi; uSamla waseMasireka waba yinkosi esikhundleni sakhe.
37. Wafa uSamla; uShawule waseRehoboti ngasemfuleni waba yinkosi esikhundleni sakhe.
38. Wafa uShawule; uBali Hanani indodana ka-Akibori waba yinkosi esikhundleni sakhe.
39. Wafa uBali Hanani indodana ka-Akibori; uHadari waba yinkosi esikhundleni sakhe; igama lomuzi wakhe laliyiPhawu; igama lomkakhe lalinguMehetabeli indodakazi kaMatiredi, indodakazi kaMezahabi.
40. Lawa angamagama abanumzane abavela ku-Esawu ngemindeni yabo, nangezindawo zabo, nangamagama abo: ngumnumzane uThimna, nomnumzane u-Aliva, nomnumzane uJeteti,
41. nomnumzane u-Oholibama, nomnumzane u-Ela, nomnumzane uPhinoni,
42. nomnumzane uKenazi, nomnumzane uThemani, nomnumzane uMibisari,
43. nomnumzane uMagidiyeli, nomnumzane u-Iramu; yilabo abangabanumzane bakwa-Edomi ngokwakha kwabo ezweni elaliyifa labo; nguyena u-Esawu uyise wabakwa-Edomi.