Ugenesise 36:3-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. noBasemati indodakazi ka-Ishmayeli, udadewabo kaNebayoti.

4. U-Ada wamzalela u-Esawu u-Elifazi; uBasemati wazala uRehuweli;

5. u-Oholibama wazala oJewushe, noJalamu, noKora; lawo angamadodana ka-Esawu azalelwa wona ezweni laseKhanani.

6. U-Esawu wathatha omkakhe, namadodana akhe, namadodakazi akhe, nabantu bonke bendlu yakhe, nemfuyo yakhe, nezinkomo zakhe, nempahla yonke yakhe owayeyizuze ezweni laseKhanani, waya ezweni elikude nomfowabo uJakobe.

7. Ngokuba imfuyo yabo yayiyinkulu kunokuba bahlale ndawonye, nezwe lokugogobala kwabo lalingenakubathwala ngenxa yemfuyo yabo.

8. U-Esawu wahlala entabeni yaseSeyiri; u-Esawu ungu-Edomi.

9. Lezi ziyizizukulwane zika-Esawu uyise wabakwa-Edomi entabeni yaseSeyiri.

10. Nanka amagama amadodana ka-Esawu: Ngu-Elifazi indodana ka-Ada umka-Esawu, noRehuweli indodana kaBasemati umka-Esawu.

11. Amadodana ka-Elifazi ayengoThemani, no-Omari, noSefo, noGathamu, noKenazi.

12. UThimna wayeyisancinza sika-Elifazi indodana ka-Esawu; wamzalela u-Elifazi u-Amaleki; yilawo angamadodana ka-Ada umka-Esawu.

13. Lawa angamadodana kaRehuweli: ngoNahati, noZera, noShama, noMiza; yilawo angamadodana kaBasemati umka-Esawu.

Ugenesise 36