27. Lawa angamadodana ka-Eseri: ngoBilihani, noZahawana, no-Akani.
28. Lawa angamadodana kaDishani: ngo-Use no-Arana.
29. Laba bangabanumzane abavela kuwo amaHori: ngumnumzane uLothani, nomnumzane uShobali, nomnumzane uSibeyoni, nomnumzane u-Ana,
30. nomnumzane uDishoni, nomnumzane u-Eseri, nomnumzane uDishani; yilabo abangabanumzane abavela kuwo amaHori, abanumzane ngabanumzane ezweni laseSeyiri.
31. Lawa angamakhosi ayebusa ezweni lakwa-Edomi, kungakabusi nkosi kwabakwa-Israyeli.
32. UBela indodana kaBeyori wabusa kwabakwa-Edomi; igama lomuzi wakhe laliyiDinihaba.
33. Wafa uBela; uJobabi indodana kaZera waseBosira waba yinkosi esikhundleni sakhe.
34. Wafa uJobabi; uHushamu wasezweni labakwaThemani waba yinkosi esikhundleni sakhe.