Ugenesise 36:26-34 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

26. Lawa angamadodana kaDishoni: ngoHemdani, no-Eshibani, noJitrani, noKerani.

27. Lawa angamadodana ka-Eseri: ngoBilihani, noZahawana, no-Akani.

28. Lawa angamadodana kaDishani: ngo-Use no-Arana.

29. Laba bangabanumzane abavela kuwo amaHori: ngumnumzane uLothani, nomnumzane uShobali, nomnumzane uSibeyoni, nomnumzane u-Ana,

30. nomnumzane uDishoni, nomnumzane u-Eseri, nomnumzane uDishani; yilabo abangabanumzane abavela kuwo amaHori, abanumzane ngabanumzane ezweni laseSeyiri.

31. Lawa angamakhosi ayebusa ezweni lakwa-Edomi, kungakabusi nkosi kwabakwa-Israyeli.

32. UBela indodana kaBeyori wabusa kwabakwa-Edomi; igama lomuzi wakhe laliyiDinihaba.

33. Wafa uBela; uJobabi indodana kaZera waseBosira waba yinkosi esikhundleni sakhe.

34. Wafa uJobabi; uHushamu wasezweni labakwaThemani waba yinkosi esikhundleni sakhe.

Ugenesise 36