19. Yilawo angamadodana ka-Esawu; labo bangabanumzane bawo; yena ungu-Edomi.
20. Lawa angamadodana kaSeyiri umHori ayakhe kulelo zwe: ngoLothani, noShobali, noSibeyoni, no-Ana,
21. noDishoni, no-Eseri, noDishani; labo bangabanumzane abavela kuwo amaHori, abantwana bakaSeyiri ezweni lakwa-Edomi.
22. Amadodana kaLothani ayengoHori noHemamu; udadewabo kaLothani wayenguThimna.
23. Lawa angamadodana kaShobali: ngo-Alevani, noManahati, no-Ebali, noShefo, no-Onamu.
24. Lawa angamadodana kaSibeyoni: ngo-Aya, no-Ana; nguyena lowo Ana owafumana imithombo eshisayo ehlane, ezalusa izimbongolo zikaSibeyoni uyise.
25. Laba bangabantwana baka-Ana: ngoDishoni no-Oholibama indodakazi ka-Ana.
26. Lawa angamadodana kaDishoni: ngoHemdani, no-Eshibani, noJitrani, noKerani.
27. Lawa angamadodana ka-Eseri: ngoBilihani, noZahawana, no-Akani.
28. Lawa angamadodana kaDishani: ngo-Use no-Arana.
29. Laba bangabanumzane abavela kuwo amaHori: ngumnumzane uLothani, nomnumzane uShobali, nomnumzane uSibeyoni, nomnumzane u-Ana,
30. nomnumzane uDishoni, nomnumzane u-Eseri, nomnumzane uDishani; yilabo abangabanumzane abavela kuwo amaHori, abanumzane ngabanumzane ezweni laseSeyiri.