Ugenesise 36:12-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. UThimna wayeyisancinza sika-Elifazi indodana ka-Esawu; wamzalela u-Elifazi u-Amaleki; yilawo angamadodana ka-Ada umka-Esawu.

13. Lawa angamadodana kaRehuweli: ngoNahati, noZera, noShama, noMiza; yilawo angamadodana kaBasemati umka-Esawu.

14. Lawa angamadodana ka-Oholibama indodakazi ka-Ana, indodakazi kaSibeyoni, umka-Esawu: wamzalela u-Esawu oJewushe, noJalamu, noKora.

15. Laba bangabanumzane bamadodana ka-Elifazi izibulo lika-Esawu: Ngumnumzane uThemani, nomnumzane u-Omari, nomnumzane uSefo, nomnumzane uKenazi,

16. nomnumzane uKora, nomnumzane uGathamu, nomnumzane u-Amaleki; yilabo abangabanumzane abavela ku-Elifazi ezweni lakwa-Edomi; yilawo angamadodana ka-Ada.

17. Lawa angamadodana kaRehuweli indodana ka-Esawu: ngumnumzane uNahati, nomnumzane uZera, nomnumzane uShama, nomnumzane uMiza; yilabo abangabanumzane abavela kuRehuweli ezweni lakwa-Edomi; yilawo angamadodana kaBasemati umka-Esawu.

18. Lawa angamadodana ka-Oholibama umka-Esawu: ngumnumzane uJewushe, nomnumzane uJalamu, nomnumzane uKora; yilabo abangabanumzane abavela ku-Oholibama indodakazi ka-Ana umka-Esawu.

19. Yilawo angamadodana ka-Esawu; labo bangabanumzane bawo; yena ungu-Edomi.

20. Lawa angamadodana kaSeyiri umHori ayakhe kulelo zwe: ngoLothani, noShobali, noSibeyoni, no-Ana,

21. noDishoni, no-Eseri, noDishani; labo bangabanumzane abavela kuwo amaHori, abantwana bakaSeyiri ezweni lakwa-Edomi.

22. Amadodana kaLothani ayengoHori noHemamu; udadewabo kaLothani wayenguThimna.

23. Lawa angamadodana kaShobali: ngo-Alevani, noManahati, no-Ebali, noShefo, no-Onamu.

24. Lawa angamadodana kaSibeyoni: ngo-Aya, no-Ana; nguyena lowo Ana owafumana imithombo eshisayo ehlane, ezalusa izimbongolo zikaSibeyoni uyise.

25. Laba bangabantwana baka-Ana: ngoDishoni no-Oholibama indodakazi ka-Ana.

Ugenesise 36