1. Lezi ziyizizukulwane zika-Esawu ongu-Edomi.
2. U-Esawu wazithathela abafazi kuwo amadodakazi aseKhanani: u-Ada indodakazi ka-Eloni umHeti, no-Oholibama indodakazi ka-Ana, indodakazi kaSibeyoni umHivi,
3. noBasemati indodakazi ka-Ishmayeli, udadewabo kaNebayoti.
4. U-Ada wamzalela u-Esawu u-Elifazi; uBasemati wazala uRehuweli;
5. u-Oholibama wazala oJewushe, noJalamu, noKora; lawo angamadodana ka-Esawu azalelwa wona ezweni laseKhanani.
6. U-Esawu wathatha omkakhe, namadodana akhe, namadodakazi akhe, nabantu bonke bendlu yakhe, nemfuyo yakhe, nezinkomo zakhe, nempahla yonke yakhe owayeyizuze ezweni laseKhanani, waya ezweni elikude nomfowabo uJakobe.
7. Ngokuba imfuyo yabo yayiyinkulu kunokuba bahlale ndawonye, nezwe lokugogobala kwabo lalingenakubathwala ngenxa yemfuyo yabo.
8. U-Esawu wahlala entabeni yaseSeyiri; u-Esawu ungu-Edomi.
9. Lezi ziyizizukulwane zika-Esawu uyise wabakwa-Edomi entabeni yaseSeyiri.
10. Nanka amagama amadodana ka-Esawu: Ngu-Elifazi indodana ka-Ada umka-Esawu, noRehuweli indodana kaBasemati umka-Esawu.
11. Amadodana ka-Elifazi ayengoThemani, no-Omari, noSefo, noGathamu, noKenazi.
12. UThimna wayeyisancinza sika-Elifazi indodana ka-Esawu; wamzalela u-Elifazi u-Amaleki; yilawo angamadodana ka-Ada umka-Esawu.
13. Lawa angamadodana kaRehuweli: ngoNahati, noZera, noShama, noMiza; yilawo angamadodana kaBasemati umka-Esawu.
14. Lawa angamadodana ka-Oholibama indodakazi ka-Ana, indodakazi kaSibeyoni, umka-Esawu: wamzalela u-Esawu oJewushe, noJalamu, noKora.
15. Laba bangabanumzane bamadodana ka-Elifazi izibulo lika-Esawu: Ngumnumzane uThemani, nomnumzane u-Omari, nomnumzane uSefo, nomnumzane uKenazi,