Ugenesise 34:19-31 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

19. Le nsizwa ayilibalanga ukwenza lokho, ngokuba yayethabela indodakazi kaJakobe; yayinodumo kunabo bonke abendlu kayise.

20. OHamori noShekemi indodana yakhe beza ngasesangweni lomuzi, bakhuluma namadoda omuzi wabo, bathi:

21. “Labo bantu bahlezi ngokuthula nathi; ngalokho mabahlale ezweni, balihambe, ngokuba bheka, izwe libanzi inxa zombili phambi kwabo; asizithathele amadodakazi abo abe ngomkethu, sibaphe amadodakazi ethu.

22. Kuphela ngalokho bayasivumela laba bantu ukuhlala nathi, sibe yisizwe sinye, ukuthi bonke abesilisa bakithi basokwe, njengalokho bona besokiwe.

23. Imihlambi yabo, nempahla yabo, nezinkomo zabo akuyikuba ngokwethu na? Masibavumele kuphela, bakhe kithi.”

24. Bonke abaphuma ngesango lomuzi wakhe balalela oHamori noShekemi indodana yakhe; bonke abesilisa basokwa, bonke abaphuma ngesango lomuzi wakhe.

25. Kwathi ngosuku lwesithathu bese nobuhlungu, amadodana amabili kaJakobe, oSimeyoni noLevi, abanewabo bakaDina, bathatha, kwaba yilowo nalowo inkemba yakhe, bahlasela umuzi ngesibindi, babulala bonke abesilisa.

26. Babulala oHamori noShekemi indodana yakhe ngosiko lwenkemba, bakhipha uDina endlini kaShekemi, bahamba.

27. Amadodana kaJakobe ayesefica ababuleweyo, aphanga umuzi, ngokuba babengcolisile udadewabo.

28. Athatha izimvu zabo, nezinkomo zabo, nezimbongolo zabo, okwakusemzini nokwakusendle,

29. nemfuyo yonke yabo; athumba abantwana babo nawomkabo, abaphanga kanye nakho konke okusendlini.

30. UJakobe wayesethi koSimeyoni noLevi: “Ningihluphile, ningenzile ukuba nginukele kabi abantu bezwe, amaKhanani namaPherizi, lokhu ngiyingcosana, bayakungihlanganyela, bangibulale, ngichithwe mina nendlu yami.”

31. Base bethi: “Ngabe bemenza udadewethu isifebe na?”

Ugenesise 34