1. UDina, indodakazi kaLeya amzalela yona uJakobe, waphuma ukuyobona amadodakazi alelo zwe.
2. UShekemi indodana kaHamori umHivi, inkosi yezwe, wambona, wamthatha, walala naye, wamona.
3. Inhliziyo yakhe yabambelela kuDina indodakazi kaJakobe, wayithanda intombi, wakhuluma kuyo inhliziyo yentombi.
4. UShekemi wakhuluma kuyise uHamori, wathi: “Ngithathele le ntombazana, ibe ngumkami.”
5. UJakobe wezwa ukuthi ungcolisile indodakazi yakhe uDina; amadodana akhe ayesezinkomeni endle; uJakobe wathula, aze afika.
6. UHamori uyise kaShekemi waphumela kuJakobe ukuyokhuluma naye.
7. Amadodana kaJakobe abuya endle esezwile lokho; abantu badabuka, bathukuthela kakhulu, ngokuba ubenze ubuwula kwa-Israyeli ngokulala nendodakazi kaJakobe, okungenakwenziwa.
8. UHamori wakhuluma nabo, wathi: “Inhliziyo yendodana yami uShekemi iyabambelela endodakazini yenu; ake nimuphe yona, ibe ngumkakhe.
9. Ganiselanani nathi, nisiphe amadodakazi enu, nizithathele amadodakazi ethu.
10. Niyakuhlala kithi; izwe liyakuba sebusweni benu; yakhani, nithengiselane, nifuye kulo.”
11. UShekemi wayesethi kuyise nakubanewabo: “Ake ngifumane umusa emehlweni enu; lokho eniyakukusho kimi, ngiyakuninika khona.
12. Bizani kimi ilobolo noma lingakanani kanye nesipho, ngiyakuninika njengokusho kwenu kimi; kodwa ngipheni intombi ibe ngumkami.”
13. Amadodana kaJakobe abaphendula oShekemi noHamori uyise ngobuqili, akhuluma, njengokuba ebemngcolisile uDina udadewabo,
14. athi kubo: “Asinakwenza lokhu, ukunika udadewethu kumuntu ongasokwanga, ngokuba lokho kuyihlazo kithina.
15. Kepha ngalokho singanivumela: uma nizakuba njengathi, kusokwe bonke abesilisa bakini,
16. siyakuninika amadodakazi ethu, sizithathele amadodakazi enu, sihlale nani, sibe yisizwe sinye.
17. Kepha uma ningasilaleli, nisokwe, siyakuthatha indodakazi yethu, sihambe.”