Ugenesise 34:1-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UDina, indodakazi kaLeya amzalela yona uJakobe, waphuma ukuyobona amadodakazi alelo zwe.

2. UShekemi indodana kaHamori umHivi, inkosi yezwe, wambona, wamthatha, walala naye, wamona.

3. Inhliziyo yakhe yabambelela kuDina indodakazi kaJakobe, wayithanda intombi, wakhuluma kuyo inhliziyo yentombi.

4. UShekemi wakhuluma kuyise uHamori, wathi: “Ngithathele le ntombazana, ibe ngumkami.”

5. UJakobe wezwa ukuthi ungcolisile indodakazi yakhe uDina; amadodana akhe ayesezinkomeni endle; uJakobe wathula, aze afika.

6. UHamori uyise kaShekemi waphumela kuJakobe ukuyokhuluma naye.

7. Amadodana kaJakobe abuya endle esezwile lokho; abantu badabuka, bathukuthela kakhulu, ngokuba ubenze ubuwula kwa-Israyeli ngokulala nendodakazi kaJakobe, okungenakwenziwa.

8. UHamori wakhuluma nabo, wathi: “Inhliziyo yendodana yami uShekemi iyabambelela endodakazini yenu; ake nimuphe yona, ibe ngumkakhe.

9. Ganiselanani nathi, nisiphe amadodakazi enu, nizithathele amadodakazi ethu.

10. Niyakuhlala kithi; izwe liyakuba sebusweni benu; yakhani, nithengiselane, nifuye kulo.”

Ugenesise 34