9. Kepha u-Esawu wathi: “Nginokuningi, mfowethu; okwakho makube ngokwakho.”
10. UJakobe wathi: “Hhayi bo; uma ngifumene umusa emehlweni akho, samukele isipho sami esandleni sami, ngokuba ngibone ubuso bakho esengathi ngibona ubuso bukaNkulunkulu, wathokoza ngami.
11. Mawusamukele isibusiso sami esilethwa kuwe, ngokuba uNkulunkulu ungenzele umusa nangokuba nginakho konke.” Wamcindezela; wasamukela-ke.
12. Wayesethi: “Asisuke sihambe, ngihambe phambi kwakho.”
13. Wathi kuye: “Inkosi yami iyazi ukuthi abantwana bancane nokuthi izimvu nezinkomazi ezinami ziyizindlezane; uma bezishishinga usuku olulodwa, umhlambi wonke uyakufa.
14. Ake idlule inkosi phambi kwenceku yayo, mina ngiseseze njengokuhamba kwempahla ephambi kwami nanjengokuhamba kwabantwana, ngize ngifike enkosini yami eSeyiri.”
15. U-Esawu wathi: “Ake ngishiye kuwe abanye abantu bami.”Wathi: “Ngani na? Mangifumane umusa emehlweni enkosi.”
16. U-Esawu wayesebuyela endleleni yakhe ngalolo suku, waya eSeyiri.
17. UJakobe wasuka waya eSukoti, wazakhela indlu, wenzela izinkomo zakhe amathanga; ngalokho igama laleyo ndawo lathiwa iSukoti.*
18. UJakobe wafika kahle emzini waseShekemi osezweni laseKhanani, evela ePhadani Aramu; wamisa itende lakhe phambi komuzi.
19. Wathenga isiqephu sezwe, lapho ebemise khona itende lakhe, esandleni samadodana kaHamori uyise kaShekemi ngamakesita* ayikhulu.
20. Wakha khona i-altare, walibiza ngokuthi i-Eli Elohe Israyeli.*