Ugenesise 33:3-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. Yena uqobo wadlulela phambi kwabo, wakhothamela emhlabathini kasikhombisa, waze wafika kumfowabo.

4. U-Esawu wagijima ukumhlangabeza, wamgona, wawa ngasentanyeni yakhe, wamanga; bakhala.

5. Waphakamisa amehlo akhe, wabona abesifazane nabantwana, wathi: “Bangobani laba onabo na?”Wathi: “Bangabantwana uNkulunkulu ayiphe bona inceku yakho ngomusa.”

6. Zase zisondela izincekukazi, zona nabantwana bazo, bakhothama.

7. Wasondela noLeya nabantwana bakhe, bakhothama; ngasemuva wafika uJosefa enoRaheli, bakhothama.

8. Wayesethi: “Uqondeni ngawo wonke lombonda engihlangana nawo na?”Wathi: “Ukuba ngifumane umusa emehlweni enkosi yami.”

Ugenesise 33