Ugenesise 33:1-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UJakobe waphakamisa amehlo akhe, wabheka, nango u-Esawu eza enamadoda angamakhulu amane. Abantwana wabahlukanisela oLeya, noRaheli, nezincekukazi zombili.

2. Wabeka izincekukazi nabantwana bazo ngaphambili, uLeya nabantwana bakhe ngasemuva, oRaheli noJosefa ngasekugcineni.

3. Yena uqobo wadlulela phambi kwabo, wakhothamela emhlabathini kasikhombisa, waze wafika kumfowabo.

4. U-Esawu wagijima ukumhlangabeza, wamgona, wawa ngasentanyeni yakhe, wamanga; bakhala.

5. Waphakamisa amehlo akhe, wabona abesifazane nabantwana, wathi: “Bangobani laba onabo na?”Wathi: “Bangabantwana uNkulunkulu ayiphe bona inceku yakho ngomusa.”

6. Zase zisondela izincekukazi, zona nabantwana bazo, bakhothama.

7. Wasondela noLeya nabantwana bakhe, bakhothama; ngasemuva wafika uJosefa enoRaheli, bakhothama.

Ugenesise 33