1. UJakobe waphakamisa amehlo akhe, wabheka, nango u-Esawu eza enamadoda angamakhulu amane. Abantwana wabahlukanisela oLeya, noRaheli, nezincekukazi zombili.
2. Wabeka izincekukazi nabantwana bazo ngaphambili, uLeya nabantwana bakhe ngasemuva, oRaheli noJosefa ngasekugcineni.
3. Yena uqobo wadlulela phambi kwabo, wakhothamela emhlabathini kasikhombisa, waze wafika kumfowabo.