Ugenesise 32:19-32 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

19. Wayala nowesibili, nowesithathu, nabo bonke ababelandela amaqembu, wathi: “Niyakusho njalo ku-Esawu, lapho nimfumana.

20. Niyakukhuluma nithi: ‘Futhi bheka, inceku yakho uJakobe iyeza, isemva kwethu.’ ” Ngokuba wathi: “Ngizakumthoba ngalesi sipho esihamba phambi kwami, andukuba ngibone ubuso bakhe; mhlawumbe angangamukela.”

21. Sase sihamba isipho phambi kwakhe, kepha yena wahlala ekamu* lobo busuku.

22. Wavuka ebusuku, wathatha omkakhe ababili, nezincekukazi zakhe ezimbili, nabantwana bakhe abayishumi nanye, wawela ezibukweni elithiwa iJaboki.

23. Wabathatha, wabawelisa emfuleni, wakuwelisa nalokho anakho.

24. Wasala yedwa uJakobe; kwabambana naye umuntu, kwaze kwasa.

25. Esebona ukuthi akamahluli, wathinta esikhoxeni senyonga yakhe, waphinyazeka uJakobe esikhoxeni senyonga esebambene naye.

26. Wayesethi: “Angihambe, ngokuba sekuyasa.”Kepha wathi: “Anginakukuyeka ukuba uhambe ungangibusisanga.”

27. Wathi kuye: “Ungubani igama lakho na?”Wathi: “NginguJakobe.”

28. Wathi: “Igama lakho alisayikuthiwa uJakobe, kepha u-Israyeli,* ngokuba ulwile noNkulunkulu nabantu, wanqoba.”

29. UJakobe wayesembuza ethi: “Ake ungitshele igama lakho.”Wathi: “Ubuzelani igama lami na?” Wayesembusisa khona.

30. UJakobe waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iPheniyeli,* ngokuba wathi: “Sibonene noNkulunkulu ubuso nobuso, nokho umphefumulo wami wophulwa.”

31. Ilanga lamphumela esadlula iPheniyeli, waqhuga enyongeni yakhe.

32. Ngalokho abantwana bakwa-Israyeli abawudli umsipha wenqulu osesikhoxeni senyonga kuze kube namuhla, ngokuba wathinta isikhoxo senyonga kaJakobe emsipheni wenqulu.

Ugenesise 32