15. namakamela asengwayo angamashumi amathathu namathole awo, nezinkomazi ezingamashumi amane, nezinkunzi eziyishumi, nezimbongolokazi ezingamashumi amabili, namathole ayishumi.
16. Wazinikela esandleni sezinceku amaqambi ngamaqambi, wathi ezincekwini zakhe: “Dlulani ngaphambi kwami, nenze ibanga phakathi kweqambi neqambi.”
17. Wamyala ophambili, wathi: “Nxa u-Esawu umfowethu ehlangana nawe, ekubuza ethi: ‘Ungokabani wena? Uyangaphi na? Ngezikabani lezi eziphambi kwakho na?’
18. wothi: ‘Ngezenceku yakho uJakobe; kuyisipho esithunywa enkosini yami u-Esawu; bheka, naye uyeza, ungasemuva kwethu.’ ”
19. Wayala nowesibili, nowesithathu, nabo bonke ababelandela amaqembu, wathi: “Niyakusho njalo ku-Esawu, lapho nimfumana.
20. Niyakukhuluma nithi: ‘Futhi bheka, inceku yakho uJakobe iyeza, isemva kwethu.’ ” Ngokuba wathi: “Ngizakumthoba ngalesi sipho esihamba phambi kwami, andukuba ngibone ubuso bakhe; mhlawumbe angangamukela.”
21. Sase sihamba isipho phambi kwakhe, kepha yena wahlala ekamu* lobo busuku.
22. Wavuka ebusuku, wathatha omkakhe ababili, nezincekukazi zakhe ezimbili, nabantwana bakhe abayishumi nanye, wawela ezibukweni elithiwa iJaboki.
23. Wabathatha, wabawelisa emfuleni, wakuwelisa nalokho anakho.
24. Wasala yedwa uJakobe; kwabambana naye umuntu, kwaze kwasa.
25. Esebona ukuthi akamahluli, wathinta esikhoxeni senyonga yakhe, waphinyazeka uJakobe esikhoxeni senyonga esebambene naye.