13. Walala khona lobo busuku; kulokho okwakusesandleni sakhe wathathela u-Esawu umfowabo isipho:
14. izimbuzikazi ezingamakhulu amabili, nezimpongo ezingamashumi amabili, nezimvukazi ezingamakhulu amabili, nezinqama ezingamashumi amabili,
15. namakamela asengwayo angamashumi amathathu namathole awo, nezinkomazi ezingamashumi amane, nezinkunzi eziyishumi, nezimbongolokazi ezingamashumi amabili, namathole ayishumi.
16. Wazinikela esandleni sezinceku amaqambi ngamaqambi, wathi ezincekwini zakhe: “Dlulani ngaphambi kwami, nenze ibanga phakathi kweqambi neqambi.”
17. Wamyala ophambili, wathi: “Nxa u-Esawu umfowethu ehlangana nawe, ekubuza ethi: ‘Ungokabani wena? Uyangaphi na? Ngezikabani lezi eziphambi kwakho na?’
18. wothi: ‘Ngezenceku yakho uJakobe; kuyisipho esithunywa enkosini yami u-Esawu; bheka, naye uyeza, ungasemuva kwethu.’ ”
19. Wayala nowesibili, nowesithathu, nabo bonke ababelandela amaqembu, wathi: “Niyakusho njalo ku-Esawu, lapho nimfumana.
20. Niyakukhuluma nithi: ‘Futhi bheka, inceku yakho uJakobe iyeza, isemva kwethu.’ ” Ngokuba wathi: “Ngizakumthoba ngalesi sipho esihamba phambi kwami, andukuba ngibone ubuso bakhe; mhlawumbe angangamukela.”
21. Sase sihamba isipho phambi kwakhe, kepha yena wahlala ekamu* lobo busuku.
22. Wavuka ebusuku, wathatha omkakhe ababili, nezincekukazi zakhe ezimbili, nabantwana bakhe abayishumi nanye, wawela ezibukweni elithiwa iJaboki.
23. Wabathatha, wabawelisa emfuleni, wakuwelisa nalokho anakho.
24. Wasala yedwa uJakobe; kwabambana naye umuntu, kwaze kwasa.
25. Esebona ukuthi akamahluli, wathinta esikhoxeni senyonga yakhe, waphinyazeka uJakobe esikhoxeni senyonga esebambene naye.
26. Wayesethi: “Angihambe, ngokuba sekuyasa.”Kepha wathi: “Anginakukuyeka ukuba uhambe ungangibusisanga.”
27. Wathi kuye: “Ungubani igama lakho na?”Wathi: “NginguJakobe.”
28. Wathi: “Igama lakho alisayikuthiwa uJakobe, kepha u-Israyeli,* ngokuba ulwile noNkulunkulu nabantu, wanqoba.”
29. UJakobe wayesembuza ethi: “Ake ungitshele igama lakho.”Wathi: “Ubuzelani igama lami na?” Wayesembusisa khona.