Ugenesise 32:1-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UJakobe wahamba indlela yakhe; izingelosi zikaNkulunkulu zamhlangabeza.

2. UJakobe ezibona wathi: “Lokhu kuyibandla likaNkulunkulu.” Waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iMahanayimi.*

3. UJakobe wathuma izithunywa phambi kwakhe ku-Esawu umfowabo ezweni laseSeyiri, izwe lakwa-Edomi.

4. Waziyala ngokuthi: “Niyakukhuluma kanje enkosini yami u-Esawu, nithi: ‘Inceku yakho uJakobe ithi: Ngigogobele kuLabani, ngilibele kuze kube manje;

5. nginezinkabi, nezimbongolo, nezimvu, nezinceku, nezincekukazi; sengithumele ukubika enkosini yami ukuba ngithole umusa emehlweni akho.’ ”

6. Izithunywa zabuyela kuJakobe, zathi: “Safika kumfowenu u-Esawu, naye uyeza ukukuhlangabeza enamadoda angamakhulu amane.”

7. UJakobe wayeseshaywa luvalo kakhulu, ekhathazeka; wahlukanisa abantu ababenaye, nezimvu, nezinkomo, namakamela, kwaba ngamaqembu amabili,

8. wathi: “Uma u-Esawu efika kwelinye iqembu, alichithe, iqembu eliseleyo liyakubaleka.”

Ugenesise 32