1. UJakobe wahamba indlela yakhe; izingelosi zikaNkulunkulu zamhlangabeza.
2. UJakobe ezibona wathi: “Lokhu kuyibandla likaNkulunkulu.” Waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iMahanayimi.*
3. UJakobe wathuma izithunywa phambi kwakhe ku-Esawu umfowabo ezweni laseSeyiri, izwe lakwa-Edomi.
4. Waziyala ngokuthi: “Niyakukhuluma kanje enkosini yami u-Esawu, nithi: ‘Inceku yakho uJakobe ithi: Ngigogobele kuLabani, ngilibele kuze kube manje;
5. nginezinkabi, nezimbongolo, nezimvu, nezinceku, nezincekukazi; sengithumele ukubika enkosini yami ukuba ngithole umusa emehlweni akho.’ ”
6. Izithunywa zabuyela kuJakobe, zathi: “Safika kumfowenu u-Esawu, naye uyeza ukukuhlangabeza enamadoda angamakhulu amane.”
7. UJakobe wayeseshaywa luvalo kakhulu, ekhathazeka; wahlukanisa abantu ababenaye, nezimvu, nezinkomo, namakamela, kwaba ngamaqembu amabili,
8. wathi: “Uma u-Esawu efika kwelinye iqembu, alichithe, iqembu eliseleyo liyakubaleka.”