Ugenesise 31:7-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Kepha uyihlo ungikhohlisile, waguqula umvuzo wami kayishumi; kodwa uNkulunkulu akamvumelanga ukwenza okubi kimi.

8. Uma ebesho ukuthi: ‘Ezimanakanaka ziyakuba ngumvuzo wakho,’ umhlambi wonke wazala ezimanakanaka; uma ebesho ukuthi: ‘Ezinemishwe ziyakuba ngumvuzo wakho,’ umhlambi wonke wazala ezinemishwe.

9. Kanjalo uNkulunkulu uthathile imfuyo kayihlo, wayinika mina.

10. “Kwathi ngokumitha kwemihlambi ngaphakamisa amehlo ami, ngabona ephusheni; bheka, izimpongo ezikhwela umhlambi zazingezinemishwe, nezimanakanaka, nezinala.

11. Ingelosi kaNkulunkulu yathi kimi ephusheni: ‘Jakobe!’ Ngathi: ‘Ngilapha.’

12. Yayisithi: ‘Awuphakamise amehlo akho, ubone ukuthi zonke izimpongo ezikhwela umhlambi zingezinemishwe, nezimanakanaka, nezinala, ngokuba ngibone konke uLabani akwenza kuwe.

13. NginguNkulunkulu waseBethele, lapho wagcoba khona insika nalapho wenza isithembiso kimi; manje vuka, usuke kuleli zwe, ubuyele ezweni lokuzalwa kwakho.’ ”

14. ORaheli noLeya baphendula, bathi kuye: “Sisenesabelo nefa endlini kababa na?

15. Asibalwanga njengabofakazi na? Ngokuba wathengisa ngathi, waqeda intengo yethu.

16. Ngokuba yonke ingcebo uNkulunkulu amamuke yona ubaba ingeyethu neyabantwana bethu; manje konke uNkulunkulu akutshele khona, kwenze.”

17. UJakobe wayesesuka, wakhwelisa amadodana akhe nawomkakhe emakameleni.

18. Wathatha yonke imfuyo yakhe ayizuzileyo, imfuyo yokufuya kwakhe ayizuze ePhadani Aramu ukuba aye ku-Isaka uyise ezweni laseKhanani.

19. ULabani esehambile ukuyogunda izimvu zakhe, uRaheli weba izithixo zikayise.

20. UJakobe wamnyenyela uLabani umAramu engamtshelanga ukuthi uyabaleka.

21. Wayesebaleka nakho konke anakho; wasuka, wawela umfula, waqonda ngasentabeni yakwaGileyadi.

Ugenesise 31