37. Njengalokho usufunisisile kuyo yonke impahla yami, uthole ntoni yezinto zonke zendlu yakho na? Yibeke lapha phambi kwabafowethu nabafowenu ukuba banqume phakathi kwethu sobabili.
38. “Le minyaka engamashumi amabili bengihlezi kuwe; izimvukazi zakho nezimbuzikazi zakho aziphunzanga; izinqama zomhlambi wakho angizidlanga.
39. Ezidweshulwe yizilo ngangingaziyisi kuwe; kwalahlekelwa mina; wazibiza esandleni sami, noma zebiwe emini noma zebiwe ebusuku.
40. Nganginjalo; emini ngaqedwa ngukushisa, ebusuku ngamakhaza; ubuthongo bami babalekela amehlo ami.
41. Le minyaka engamashumi amabili bengisendlini yakho; ngakusebenzela iminyaka eyishumi nane ngamadodakazi akho omabili, neminyaka eyisithupha ngomhlambi wakho, uguqule umvuzo wami kayishumi.
42. Uma ebengenami uNkulunkulu kababa, uNkulunkulu ka-Abrahama, ukwesaba kuka-Isaka, ngempela ubuyakungimukisa ze. UNkulunkulu ubone ukuhlupheka kwami nokukhathala kwezandla zami, wakusola ubusuku obudlule.”
43. ULabani waphendula, wathi kuJakobe: “Amadodakazi angamadodakazi ami, abantwana bangabantwana bami, imihlambi iyimihlambi yami; konke okubonayo kungokwami; lawa madodakazi ami ngingawenzela ntoni namuhla, nabantwana bawo abazalileyo, na?
44. Woza manje, senze isivumelwano mina nawe, sibe ngufakazi phakathi kwami nawe.”
45. UJakobe wayesethatha itshe, walimisa laba yinsika.