18. Wathatha yonke imfuyo yakhe ayizuzileyo, imfuyo yokufuya kwakhe ayizuze ePhadani Aramu ukuba aye ku-Isaka uyise ezweni laseKhanani.
19. ULabani esehambile ukuyogunda izimvu zakhe, uRaheli weba izithixo zikayise.
20. UJakobe wamnyenyela uLabani umAramu engamtshelanga ukuthi uyabaleka.
21. Wayesebaleka nakho konke anakho; wasuka, wawela umfula, waqonda ngasentabeni yakwaGileyadi.
22. Ngosuku lwesithathu uLabani watshelwa ukuthi uJakobe ubalekile.
23. Wayesethatha abafowabo, wamlandela ibanga lezinsuku eziyisikhombisa, wamfica entabeni yakwaGileyadi.