Ugenesise 31:1-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Wayesezwa amazwi amadodana kaLabani, ethi: “UJakobe uthathile konke okwakungokukababa; ngokwakungokukababa uzizuzele lonke lolu dumo.”

2. UJakobe wabona ubuso bukaLabani; bheka, babungasenjengayizolo nakuthangi kuye.

3. UJehova wayesethi kuJakobe: “Buyela ezweni lawoyihlo nasezihlotsheni zakho; ngiyakuba nawe.”

4. UJakobe wathuma wabiza oRaheli noLeya, beze endle emhlambini wakhe.

5. Wathi kubo: “Ngiyabubona ubuso bukayihlo ukuthi abusenjengayizolo nakuthangi kimi, kepha uNkulunkulu kababa unami.

6. Niyazi nina ukuthi ngimkhonzile uyihlo ngamandla ami onke.

7. Kepha uyihlo ungikhohlisile, waguqula umvuzo wami kayishumi; kodwa uNkulunkulu akamvumelanga ukwenza okubi kimi.

8. Uma ebesho ukuthi: ‘Ezimanakanaka ziyakuba ngumvuzo wakho,’ umhlambi wonke wazala ezimanakanaka; uma ebesho ukuthi: ‘Ezinemishwe ziyakuba ngumvuzo wakho,’ umhlambi wonke wazala ezinemishwe.

9. Kanjalo uNkulunkulu uthathile imfuyo kayihlo, wayinika mina.

10. “Kwathi ngokumitha kwemihlambi ngaphakamisa amehlo ami, ngabona ephusheni; bheka, izimpongo ezikhwela umhlambi zazingezinemishwe, nezimanakanaka, nezinala.

11. Ingelosi kaNkulunkulu yathi kimi ephusheni: ‘Jakobe!’ Ngathi: ‘Ngilapha.’

12. Yayisithi: ‘Awuphakamise amehlo akho, ubone ukuthi zonke izimpongo ezikhwela umhlambi zingezinemishwe, nezimanakanaka, nezinala, ngokuba ngibone konke uLabani akwenza kuwe.

Ugenesise 31