Ugenesise 30:9-24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. ULeya esebonile ukuthi ukhawulile ukuzala, wamthatha uZilipa incekukazi yakhe, wamupha uJakobe, abe ngumkakhe.

10. UZilipa incekukazi kaLeya wamzalela uJakobe indodana.

11. ULeya wayesethi: “Kwenziwe inhlanhla,” waqamba igama layo ngokuthi uGadi.

12. UZilipa incekukazi kaLeya wamzalela indodana yesibili.

13. Wayesethi uLeya: “Yisibusiso sami! Ngokuba izintombi ziyakungibiza ngokuthi ngingobusisiweyo,” waqamba igama layo ngokuthi u-Asheri.

14. Ngesikhathi sokuvuna ukolweni uRubeni waya wafumana amamandragora* endle, wawayisa kunina uLeya. URaheli wayesethi kuLeya: “Ake ungiphe amamandragora endodana yakho.”

15. Wathi kuye: “Kuncane yini ukuba uthathile umyeni wami na? Usuyakuthatha namamandragora endodana yami na?”URaheli wathi: “Ngalokho uzakulala nawe ngalobu busuku ngamamandragora endodana yakho.”

16. Kusihlwa uJakobe esebuya endle, uLeya waya ukumhlangabeza, wathi: “Ngena kimi, ngokuba impela ngikuqashile ngamamandragora endodana yami.” Wayeselala naye ngalobo busuku.

17. UNkulunkulu wamuzwa uLeya; wakhulelwa, wamzalela uJakobe indodana yesihlanu.

18. Wayesethi uLeya: “UNkulunkulu unginikile umvuzo, lokhu ngamnika umyeni wami incekukazi yami,” waqamba igama lakhe ngokuthi u-Isakare.

19. ULeya wabuye wakhulelwa, wamzalela uJakobe indodana yesithupha.

20. Wayesethi uLeya: “UNkulunkulu ungiphe isipho esihle; manje umyeni wami useyakuhlala kimi, ngokuba ngimzalele amadodana ayisithupha,” waqamba igama layo ngokuthi uZebuloni.

21. Ngasemuva wazala indodakazi, waqamba igama layo ngokuthi uDina.

22. UNkulunkulu wamkhumbula uRaheli, uNkulunkulu wamuzwa, wavula isizalo sakhe.

23. Wakhulelwa, wazala indodana, wathi: “UNkulunkulu ususile ihlazo lami.”

24. Waqamba igama layo ngokuthi uJosefa, ethi: “UJehova makangenezelele nenye indodana futhi.”

Ugenesise 30