Ugenesise 30:37-41 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

37. UJakobe wathatha izinti ezimanzi zompopula* nezomalimondi* nezompelatani,* wazebula imishwe emhlophe, wambula okumhlophe okusezintini.

38. Wazifaka izinti abezebulile emikhombeni nasemiqengqeni yamanzi phambi kwemihlambi, lapho imihlambi iza khona ukuphuza; yamitha ekufikeni kwayo ukuphuza.

39. Imihlambi yamitha phambi kwezinti, imihlambi yazala ezinemishwe, nezimanakanaka, nezimagqabhagqabha.

40. UJakobe wayesahlukanisa amawundlu, wabhekisa ubuso bemihlambi kwezinemishwe nakwezimnyama emhlambini kaLabani; wabeka amaqembu akhe abe wodwa engawafaki emhlambini kaLabani.

41. Kwathi lapho ibiyakumitha imihlambi eqinileyo, uJakobe wabeka izinti phambi kwamehlo emihlambi emiqengqeni ukuba imithe phakathi kwezinti.

Ugenesise 30