Ngalowo muhla wakhipha izimpongo ezinemishwe nezimagqabhagqabha, nezimbuzikazi zonke ezimanakanaka nezimagqabhagqabha, zonke ezinokumhlophe, nezimnyama zonke ezimvini, wazinikela esandleni samadodana akhe.