15. Wathi kuye: “Kuncane yini ukuba uthathile umyeni wami na? Usuyakuthatha namamandragora endodana yami na?”URaheli wathi: “Ngalokho uzakulala nawe ngalobu busuku ngamamandragora endodana yakho.”
16. Kusihlwa uJakobe esebuya endle, uLeya waya ukumhlangabeza, wathi: “Ngena kimi, ngokuba impela ngikuqashile ngamamandragora endodana yami.” Wayeselala naye ngalobo busuku.
17. UNkulunkulu wamuzwa uLeya; wakhulelwa, wamzalela uJakobe indodana yesihlanu.
18. Wayesethi uLeya: “UNkulunkulu unginikile umvuzo, lokhu ngamnika umyeni wami incekukazi yami,” waqamba igama lakhe ngokuthi u-Isakare.
19. ULeya wabuye wakhulelwa, wamzalela uJakobe indodana yesithupha.
20. Wayesethi uLeya: “UNkulunkulu ungiphe isipho esihle; manje umyeni wami useyakuhlala kimi, ngokuba ngimzalele amadodana ayisithupha,” waqamba igama layo ngokuthi uZebuloni.
21. Ngasemuva wazala indodakazi, waqamba igama layo ngokuthi uDina.
22. UNkulunkulu wamkhumbula uRaheli, uNkulunkulu wamuzwa, wavula isizalo sakhe.
23. Wakhulelwa, wazala indodana, wathi: “UNkulunkulu ususile ihlazo lami.”
24. Waqamba igama layo ngokuthi uJosefa, ethi: “UJehova makangenezelele nenye indodana futhi.”
25. Kwathi uRaheli esemzalile uJosefa, uJakobe wathi kuLabani: “Ngimukise ukuba ngiye endaweni yami ezweni lakithi.
26. Ngiphe omkami nabantwana bami engikusebenzele ngabo, ngihambe, ngokuba uyawazi umsebenzi engikwenzele wona.”
27. ULabani wayesethi kuye: “Ake ngifumane umusa emehlweni akho. Sengibonile ukuthi uJehova ungibusisile ngenxa yakho.”
28. Wathi futhi: “Nquma umvuzo wakho, ngikuphe wona.”