Ugenesise 3:7-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Ayesevuleka amehlo abo bobabili, babona ukuthi bahamba ze; bathunga amaqabunga omkhiwane, bazenzela izibhinco.

8. Base bezwa izwi likaJehova uNkulunkulu ehamba ensimini kusihlwa ngokuphola kwelanga; u-Adamu nomkakhe bacasha ebusweni bukaJehova uNkulunkulu phakathi kwemithi yensimu.

9. Kepha uJehova uNkulunkulu wambiza u-Adamu, wathi kuye: “Uphi na?”

10. Wathi: “Ngizwe izwi lakho ensimini, ngesaba ngokuba ngihamba ze; ngalokho ngacasha.”

11. Khona wathi: “Ngubani owakutshela ukuthi uhamba ze na? Udlile kulowo muthi engakuyala ngawo ukuthi ungadli kuwo na?”

12. U-Adamu wathi: “Owesifazane, owangipha yena ukuba abe nami, unginikile kuwo umuthi, ngadla.”

13. UJehova uNkulunkulu wathi kowesifazane: “Yini lokhu okwenzileyo na?”Owesifazane wathi: “Inyoka ingikhohlisile, ngadla.”

Ugenesise 3