Ugenesise 3:18-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. Uyakukuvezela ameva namakhakhasi, wena udle imifino yasendle.

19. Ngesithukuthuku sobuso bakho uyakudla isinkwa sakho, uze ubuyele emhlabathini, lokhu wathathwa kuwo; ngokuba ungumhlabathi, uyakuphenduka umhlabathi.”

20. U-Adamu wamqamba umkakhe igama lokuthi u-Eva,* ngokuba waba ngunina wabo bonke abaphilayo.

21. UJehova uNkulunkulu wabenzela u-Adamu nomkakhe iziphuku, wabembathisa.

22. UJehova uNkulunkulu wathi: “Bheka, u-Adamu usenjengomunye wethu, uyakwazi okuhle nokubi; kepha manje makangeluli isandla sakhe, athathe nakuwo umuthi wokuphila, adle, aphile kuze kube phakade.”

23. UJehova uNkulunkulu wammukisa ensimini yase-Edene ukuba alime umhlabathi athathwe kuwo.

Ugenesise 3