28. UJakobe wenze njalo, waqeda isonto lakhe; wamupha uRaheli indodakazi yakhe, abe ngumkakhe.
29. ULabani wanika indodakazi yakhe uRaheli incekukazi yakhe uBiliha, abe yincekukazi yakhe.
30. Wangena nakuye uRaheli, wathanda uRaheli kakhulu kunoLeya; wayesesebenza kuye eminye iminyaka eyisikhombisa.
31. UJehova ebona ukuthi uLeya uyazondwa, wavula isizalo sakhe; kepha uRaheli wayeyinyumba.
32. ULeya wakhulelwa, wazala indodana, waqamba igama layo ngokuthi uRubeni, ngokuba wathi: “UJehova ubonile ukuhlupheka kwami; manje umyeni wami uyakungithanda.”
33. Wabuye wakhulelwa, wazala indodana, wathi: “Lokhu uJehova ezwe ukuthi ngiyazondwa, ungiphile nalena futhi,” waqamba igama layo ngokuthi uSimeyoni.
34. Wabuye wakhulelwa, wazala indodana, wathi: “Manje ngalesi sikhathi umyeni wami uyakunamathela kimi, ngokuba ngimzalele amadodana amathathu,” ngalokho waqamba igama layo ngokuthi uLevi.
35. Wakhulelwa futhi, wazala indodana, wathi: “Sengiyakumdumisa uJehova,” ngalokho waqamba igama layo ngokuthi uJuda; wayesekhawula ukuzala.