23. Kepha kwathi kusihlwa wathatha uLeya indodakazi yakhe, wamyisa kuye; wangena kuye.
24. ULabani wanika indodakazi yakhe uLeya incekukazi yakhe uZilipa, abe yincekukazi yakhe.
25. Kwathi ekuseni, bheka, kunguLeya; wayesethi kuLabani: “Kuyini lokhu okwenzile kimi na? Angikusebenzelanga ngoRaheli na? Ungikhohliseleni na?”
26. Wathi uLabani: “Akwenziwa njalo endaweni yakithi ukuba kuganiswe omncane ngaphambi komkhulu.
27. Qeda isonto lalona, sikuphe nomunye ngomsebenzi osezakuwusebenza kimi eminye iminyaka eyisikhombisa.”
28. UJakobe wenze njalo, waqeda isonto lakhe; wamupha uRaheli indodakazi yakhe, abe ngumkakhe.
29. ULabani wanika indodakazi yakhe uRaheli incekukazi yakhe uBiliha, abe yincekukazi yakhe.
30. Wangena nakuye uRaheli, wathanda uRaheli kakhulu kunoLeya; wayesesebenza kuye eminye iminyaka eyisikhombisa.
31. UJehova ebona ukuthi uLeya uyazondwa, wavula isizalo sakhe; kepha uRaheli wayeyinyumba.
32. ULeya wakhulelwa, wazala indodana, waqamba igama layo ngokuthi uRubeni, ngokuba wathi: “UJehova ubonile ukuhlupheka kwami; manje umyeni wami uyakungithanda.”
33. Wabuye wakhulelwa, wazala indodana, wathi: “Lokhu uJehova ezwe ukuthi ngiyazondwa, ungiphile nalena futhi,” waqamba igama layo ngokuthi uSimeyoni.
34. Wabuye wakhulelwa, wazala indodana, wathi: “Manje ngalesi sikhathi umyeni wami uyakunamathela kimi, ngokuba ngimzalele amadodana amathathu,” ngalokho waqamba igama layo ngokuthi uLevi.
35. Wakhulelwa futhi, wazala indodana, wathi: “Sengiyakumdumisa uJehova,” ngalokho waqamba igama layo ngokuthi uJuda; wayesekhawula ukuzala.